3 Yafulelwa ngemisedari* phezu kwemishayo engamashumi amane nanhlanu eyayiphezu kwezinsika eziyishumi nanhlanu, uhla lulunye.
4 Kwakukhona amahele ayizinhla ezintathu; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu.
5 Yonke iminyango nezinsika kwakuyizinhlangothi ezine ngemishayo; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu.
6 Wenza indlu yezinsika; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu; nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amathathu, inompheme nezinsika phambi kwayo, naphambi kwazo yisikhwelo.
7 Wenza umpheme wesihlalo sobukhosi lapho ebeyakwahlulela khona, umpheme wokwahlulela; wawembeswe imisedari* kusukela phansi kuze kufike phezulu.
8 Indlu yakhe lapho ebeyakuhlala khona kwelinye igceke phakathi kompheme yayenziwe kanjalo. Wenzela nendodakazi kaFaro abeyithathile uSolomoni indlu eyafana nalwo mpheme.
9 Konke lokho kwakhiwa ngamatshe anenani elikhulu, amatshe abaziwe ngezilinganiso, asahwe ngamasaha, ngaphakathi nangaphandle, kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu, nangaphandle kuze kube segcekeni elikhulu.