34 Kwakukhona amahlombe okuthwala emagumbini omane aleso naleso sinqe, izingalo zihlangene nesinqe.
35 Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi nxazonke; ukuphakama kwakho kwakuyinxenye yengalo, nezimbambelela zakho nezindini zakho zazihlangene nakho.
36 Ezibhebheni zezimbambelela zakho nasezindinini zakho waqopha amakherubi,* nezingonyama, namasundu njengendawo yakho konke ngakunye, kanye nemigexo yezimbali nxazonke.
37 Wenza kanjalo izinqe eziyishumi; zonke zazikubunjwa kunye, nesilinganiso sinye, nesimo sinye.
38 Wenza imicengezi eyishumi ngethusi; umcengezi munye wawulingene namabhati* angamashumi amane; yilowo nalowo mcengezi wawuyizingalo ezine, naphezu kwezinqe eziyishumi ngazinye kwakukhona umcengezi munye.
39 Wazibeka izinqe eziyisihlanu ngaseceleni lokunene lendlu neziyisihlanu ngaseceleni lasokhohlo lendlu; walubeka ulwandle ngaseceleni lokunene lendlu ngasempumalanga yangaseningizimu.
40 UHiramu wayenza leyo micengezi, namafosholo, nezitsha. UHiramu wayeseqeda ukwenza wonke umsebenzi abewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu: