1 Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.
2 Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini uSolomoni emkhosini wasenyangeni ka-Ethanimi eyinyanga yesikhombisa.
3 Esefikile onke amalunga akwa-Israyeli, abapristi baphakamisa umphongolo.
4 Bakhuphula umphongolo kaJehova, netende lokuhlangana, nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni, kwakhushulwa ngabapristi namaLevi.
5 Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babenayo phambi komphongolo, behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo.
6 Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu, indawo engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.*
7 Ngokuba amakherubi ayewelula amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo, amakherubi asibekela umphongolo nezinti zawo ngaphezulu.