15 Yathi:“Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:
16 ‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.’
17 “Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.
18 Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba: ‘Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;
19 kepha wena awuyikuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’
20 “UJehova uliqinsisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaJehova, ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.
21 Ngimisile lapho indawo yomphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nawobaba ekubakhipheni ezweni laseGibithe.”