12 UHiramu waphuma eTire ukuyobona imizi uSolomoni amnike yona, ayimthokozisanga.
13 Wathi: “Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na?” Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli* kuze kube namuhla.
14 UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide.
15 Indaba yezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukwakha indlu kaJehova, nendlu yakhe, neMilo, nogange lwaseJerusalema, neHasori, neMegido, neGezeri inje:
16 uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini, walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe.
17 USolomoni wakha iGezeri neBeti Horoni laseNzansi,
18 neBalati, neTamari lasehlane lalelo zwe,