5 ngiyakusimisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade, njengalokho ngasho kuDavide uyihlo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’
6 “Kodwa uma nibuya ekungilandeleni, nina noma abantwana benu, ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu, kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,
7 ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.
8 Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’
9 Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ”
10 Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi,
11 uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari* nangemisayipuresi* nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile.