1 Kwathi emihleni ka-Ahashiveroshi yena ungu-Ahashiveroshi lowo owabusa kusukela e-Indiya kuze kube seKushe phezu kwezifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa
2 yebo, ngaleyo mihla lapho inkosi u-Ahashiveroshi ihlezi esihlalweni sobukhosi sombuso wayo, esasiseShushani endlini yenkosi,
3 ngomnyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela izikhulu zayo zonke nezinceku zayo idili, amaqhawe asePheresiya naseMediya, nabakhulu nezikhulu zezifunda bephambi kwayo,
4 lapho iyibonakalisa ingcebo yombuso wayo odumileyo, nobukhosi nobuhle bobukhulu bayo izinsuku eziningi, izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.
5 Seziphelile lezo zinsuku, inkosi yenzela abantu bonke ababe khona eShushani endlini yenkosi, abakhulu nabancane, idili izinsuku eziyisikhombisa egcekeni lensimu yendlu yenkosi.
6 Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza, ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsikeni zamatshe amhlophe; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywe ngamatshe abomvu, nangamaparele,* nangamatshe amnyama.