16 U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.
17 Inkosi yamthanda u-Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi, wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.
18 Inkosi yayisizenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu, idili lika-Esteri, wanika izifunda ukuphumula, waphana ngezipho njengokupha kwenkosi.
19 Lapho izintombi sezibuthwa ngokwesibili, uMoridekayi wahlala esangweni lenkosi.
20 U-Esteri wayengakalandi lutho ngezihlobo zakhe nangabantu bakhe, njengalokho uMoridekayi amyala ngakho, ngokuba u-Esteri wenza okushiwo nguMoridekayi njengalapho esondliwa nguye.
21 Ngalezo zinsuku uMoridekayi esahlezi esangweni lenkosi, izinduna ezimbili zenkosi oBigithani noThereshi kubalindisango zazithukuthele, zafuna ukubeka izandla enkosini u-Ahashiveroshi.
22 Leyo ndaba yaziwa nguMoridekayi, wayitshela u-Esteri inkosikazi; u-Esteri wayisho enkosini egameni likaMoridekayi.