6 Inkosi yathi ku-Esteri ngasedilini lewayini: “Isicelo sakho siyini na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.”
7 Wayesephendula u-Esteri, ethi: “Isicelo sami nengikufunayo nakhu:
8 Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi noma kukuhle enkosini ukunginika lokho engikucelayo nokwenza lokho engikufunayo, makuze inkosi noHamani edilini engiyakubalungisela lona; ngiyakwenza kusasa njengezwi lenkosi.”
9 UHamani waphuma khona ngalolo suku, ethokoza enenhliziyo enhle; kepha lapho uHamani embona uMoridekayi esangweni lenkosi ukuthi akasukumanga, kanyakazanga ngaye, uHamani wagcwala ulaka ngoMoridekayi.
10 Kepha uHamani wazibamba, waya ekhaya; wayesethuma, walanda abangane bakhe noZereshi umkakhe.
11 UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe, nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi.
12 UHamani wathi futhi: “U-Esteri, inkosikazi, akangenisanga muntu kanye nenkosi edilini alilungisileyo ngaphandle kwami; nakusasa mina ngimenyiwe nguye kanye nenkosi.