U-Esteri 8:3-9 ZUL59

3 U-Esteri waqhubeka wakhuluma phambi kwenkosi, wawa ngasezinyaweni zayo, wakhala, wayinxusa ukuba ibususe ububi bukaHamani umAgagi necebo lakhe ayelicebe ngabaJuda.

4 Inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide. Wayesesukuma u-Esteri, wema phambi kwenkosi.

5 Wathi: “Uma kukuhle enkosini, noma ngifumene umusa phambi kwayo, noma le nto ilungile phambi kwenkosi, uma ngithandeka emehlweni ayo, makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani indodana kaHamedatha umAgagi azilobayo ukuba bachithwe abaJuda abasezifundeni zenkosi;

6 ngokuba ngingakubuka kanjani okubi okuyakufica isizwe sakithi, noma ngingakubuka kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”

7 Inkosi u-Ahashiveroshi yathi ku-Esteri, inkosikazi, nakuMoridekayi, umJuda: “Bhekani, nginike u-Esteri indlu kaHamani; yena bamphanyekile emthini, ngokuba wabeka isandla sakhe kubaJuda.

8 Kepha lobani nani ngabaJuda njengokuhle emehlweni enu egameni lenkosi, nikunamathelise ngendandatho yenkosi, ngokuba umbhalo obhalwe egameni lenkosi wanamatheliswa ngendandatho yenkosi awunakubuyiswa muntu.”

9 Abalobi benkosi babizwa ngaleso sikhathi ngenyanga yesithathu, eyinyanga kaSivani, ngolwamashumi amabili nantathu lwayo; kwalotshwa njengakho konke uMoridekayi ayala ngakho abaJuda, nawothulasizwe, nababusi, nezikhulu zezifunda, kusukela e-Indiya kuze kufike eKushe, izifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa, izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo, nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo, nabaJuda njengokubhala kwabo nanjengolimi lwabo.