1 Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kusondela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo.
2 AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi ukuba babeke izandla kulabo ababefuna ukubalimaza; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo.
3 Zonke izikhulu zezifunda, nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi.
4 Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo.
5 AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.
6 EShushani endlini yenkosi abaJuda babulala, bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu.
7 Babulala noParishanidatha, noDalifoni, no-Asiphatha,