11 Ngalolo suku inani lababuleweyo eShushani endlini yenkosi lalethwa phambi kwenkosi.
12 Inkosi yayisithi ku-Esteri inkosikazi: “AbaJuda babulele bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi? Isicelo sakho siyini? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.”
13 U-Esteri wathi: “Uma kukuhle enkosini, abaJuda abaseShushani mabavunyelwe nakusasa ukwenza njengomthetho wanamuhla, aphanyekwe amadodana ayishumi kaHamani emthini.”
14 Inkosi yasho ukuba kwenziwe kanjalo; umthetho washaywa eShushani; bawaphanyeka amadodana ayishumi kaHamani.
15 AbaJuda ababe seShushani babuthana nangosuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari, babulala abantu abangamakhulu amathathu eShushani, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.
16 Abanye abaJuda ababe sezifundeni zenkosi babuthana, bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni zabo, babulala abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu ababazondayo, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.
17 Lokho kwakungosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza.