21 ukumisa ukuba bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari nosuku lweshumi nanhlanu lwayo iminyaka yonke
22 njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.
23 AbaJuda bakwamukela ukwenza lokho abakuqalileyo, nalokho ayekulobe kubo uMoridekayi,
24 ngokuba uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, isitha sabo bonke abaJuda, wayecebile ngabaJuda ukuba abachithe, waphonsa iPhure elinyinkatho ukuba abanqobe, abachithe;
25 kepha lapho lokho kwafika phambi kwenkosi, yasho ngencwadi ukuba lelo cebo elibi ayelicebe ngabaJuda libuyele ekhanda lakhe, yena namadodana akhe baphanyekwe emthini.
26 Ngalokho babiza lezo zinsuku ngokuthi iPhurimi ngegama lePhure. Ngalokho ngenxa yawo onke amazwi aleyo ncwadi, nangenxa yalokho abebekubonile ngale ndaba, nalokho okubehleleyo,
27 abaJuda banquma bamukela, bona nenzalo yabo, nabo bonke ababezihlanganisa nabo, ukuthi bayakugcina lezo zinsuku zombili njengokubhalwa kwazo nanjengesikhathi sazo esinqunyiweyo iminyaka yonke, bangaphuthi,