26 Ngalokho babiza lezo zinsuku ngokuthi iPhurimi ngegama lePhure. Ngalokho ngenxa yawo onke amazwi aleyo ncwadi, nangenxa yalokho abebekubonile ngale ndaba, nalokho okubehleleyo,
27 abaJuda banquma bamukela, bona nenzalo yabo, nabo bonke ababezihlanganisa nabo, ukuthi bayakugcina lezo zinsuku zombili njengokubhalwa kwazo nanjengesikhathi sazo esinqunyiweyo iminyaka yonke, bangaphuthi,
28 zikhunjulwe lezo zinsuku, zigcinwe ezizukulwaneni ngezizukulwane, emindenini ngemindeni, ezifundeni ngezifunda, emizini ngemizi, lezo zinsuku zePhurimi, zingaphuthi phakathi kwabaJuda, nesikhumbuzo sazo singapheli enzalweni yabo.
29 U-Esteri inkosikazi, indodakazi ka-Abihayili, noMoridekayi umJuda base beloba ngamandla onke ukuba baqinise le ncwadi yesibili yePhurimi.
30 Wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ezifundeni eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa zombuso ka-Ahashiveroshi, zinamazwi okuthula neqiniso,
31 ukuba aqinise lezo zinsuku zePhurimi ngezikhathi zazo ezinqunyiweyo njengokuzimisa kukaMoridekayi umJuda no-Esteri inkosikazi, nanjengalokho bezimisele bona nenzalo yabo ngendaba yokuzila ukudla nokukhala kwabo.
32 Izwi lika-Esteri laqinisa lezo zindaba zePhurimi, kwalotshwa encwadini.