3 Zonke izikhulu zezifunda, nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi.
4 Ngokuba uMoridekayi wayemkhulu endlini yenkosi, nodumo lwakhe lwahamba ezifundeni zonke, ngokuba lowo muntu uMoridekayi wayelokhu ekhula njalo.
5 AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba, nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.
6 EShushani endlini yenkosi abaJuda babulala, bachitha abantu abangamakhulu ayisihlanu.
7 Babulala noParishanidatha, noDalifoni, no-Asiphatha,
8 noPhoratha, no-Adaliya, no-Aridatha,
9 noPharimashita, no-Arisayi, no-Aridayi, noVayizatha,