13 Kepha abantu baningi, futhi kuyisikhathi semvula enkulu, asinakuma phandle, futhi lo msebenzi awusiwo walusuku lunye nowezimbili, ngokuba siphambukile kakhulu ngale ndaba.
14 Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo, benamalunga emizi ngemizi nabahluleli bayo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.”
15 UJonathani, indodana ka-Asaheli, noJahazeya indodana kaThikiva kuphela bamelana nalokho; oMeshulamu noShabethayi umLevi babasiza.
16 Kepha abathunjwa benze njalo. Kwakhethwa u-Ezra, umpristi, namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise, bonke ngamagama; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya le ndaba.
17 Baqeda namadoda ayethathe abesifazane babezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.
18 Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.
19 Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo.