16 Kepha abathunjwa benze njalo. Kwakhethwa u-Ezra, umpristi, namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise, bonke ngamagama; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya le ndaba.
17 Baqeda namadoda ayethathe abesifazane babezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.
18 Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.
19 Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo.
20 Kumadodana ka-Imeri: ngoHanani noZebadiya.
21 Kumadodana kaHarimi: ngoMahaseya, no-Eliya, noShemaya, noJehiyeli, no-Uziya.
22 Kumadodana kaPhashuri: ngo-Eliyohenayi, noMahaseya, no-Ishmayeli, noNethaneli, noJozabadi, no-Eleyasa.