17 Baqeda namadoda ayethathe abesifazane babezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.
18 Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathe abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, no-Eliyezeri, noJaribi, noGedaliya.
19 Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo.
20 Kumadodana ka-Imeri: ngoHanani noZebadiya.
21 Kumadodana kaHarimi: ngoMahaseya, no-Eliya, noShemaya, noJehiyeli, no-Uziya.
22 Kumadodana kaPhashuri: ngo-Eliyohenayi, noMahaseya, no-Ishmayeli, noNethaneli, noJozabadi, no-Eleyasa.
23 KumaLevi: ngoJozabadi, noShimeyi, noKhelaya onguKelitha, noPhethahiya, noJuda, no-Eliyezeri.