64 Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
65 ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.
66 Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi* yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
67 amakamela abo ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
68 Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;
69 zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike* ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide, namamane* ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.
70 Base behlala abapristi, namaLevi, nabanye abantu abathile, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini* emizini yabo, bonke abakwa-Israyeli emizini yabo.