10 Lapho abakhi sebebeka isisekelo sethempeli likaJehova, bamisa abapristi begqokile benamacilongo kanye namaLevi, amadodana ka-Asafa, enamasimbali* ukuba badumise uJehova njengehlelo likaDavide inkosi yakwa-Israyeli.
11 Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova, bathi: “Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka-Israyeli.” Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.
12 Abaningi babapristi namaLevi, nezinhloko zawoyise, abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu phambi kwamehlo abo; abaningi bakhamuluka ngentokozo,
13 ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lokukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu, ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.