16 Siyazisa inkosi ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange zawo, ngalokho awusayikuba nasiqephu phesheya koMfula.”*
17 Inkosi yayisithuma incwadi kuRehumi unqamulajuqu noShimshayi umbhali nabanye abangane babo ababehlala eSamariya nakwelinye phesheya koMfula* yokuthi:“Ukuthula, nokuthi nokuthi.
18 “Incwadi enayithuma kithina ifundwe kahle phambi kwami.
19 Ngayaleza, kwacingwa, kufumanisekile ukuthi lowo muzi uziphakamisele amakhosi kwasendulo nokuthi ukuhlubuka nokwambuka kwenziwe phakathi kwawo.
20 Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula;* aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.
21 Makuyalezwe ukuba labo bantu bathiywe, ungakhiwa lowo muzi, ngize ngiyaleze mina.
22 Xwayani ukuba ningayekethisi kulokho; kungase kwande ukonakala, kulimaze amakhosi, na?”