7 bathuma incwadi kuye okulotshwe kuyo ukuthi:“KuDariyu inkosi; makube ngukuthula konke.
8 “Makwazeke enkosini ukuthi saya ezweni lakwaJuda endlini kaNkulunkulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu, imithi ifakwe ezindongeni; lo msebenzi uqhubeka ngesineke, unempumelelo ezandleni zabo.
9 “Sase sibuza kulawo malunga, sasho kuwo kanje, sathi: ‘Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?’
10 Sabuza namagama abo ukuba sikwazise, sibhale amagama abantu ababe yizinhloko zabo.
11 “Babuyisela impendulo kithi, bathi: ‘Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa.
12 Kepha ngokuba obaba bese bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu, wabanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, umKaledi, owachitha le ndlu, wabamukisa, wabayisa eBabele.
13 “ ‘Kepha ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yaseBabele, uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu.