10 ngokuba u-Ezra wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.
11 Lokhu kuyimpinda yencwadi inkosi u-Aritahishashita eyamnika yona u-Ezra umpristi nombhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nawezimiso zakhe ku-Israyeli, yokuthi:
12 “U-Aritahishashita, inkosi yamakhosi ku-Ezra, umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu; ukuthula, nokuthi nokuthi.
13 “Ngikhipha isimemezelo sokuthi bonke abantu bakwa-Israyeli, nabapristi babo, namaLevi embusweni wami, abafuna ukuya eJerusalema, bangahamba nawe,
14 njengokuba uthunyiwe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukubuza ngelakwaJuda neJerusalema njengokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho,
15 nokuyisa isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abalinikele ngesihle kuNkulunkulu ka-Israyeli ondlu yakhe iseJerusalema,
16 kanye nalo lonke isiliva negolide oyakukufumana ezweni lonke laseBabele, neminikelo yesihle yabantu neyabapristi, benikelela ngesihle indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema.