15 nokuyisa isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abalinikele ngesihle kuNkulunkulu ka-Israyeli ondlu yakhe iseJerusalema,
16 kanye nalo lonke isiliva negolide oyakukufumana ezweni lonke laseBabele, neminikelo yesihle yabantu neyabapristi, benikelela ngesihle indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema.
17 Ngalokho uyakuthenga ngesineke sonke ngale mali izinkunzi, nezinqama, namawundlu kanye neminikelo yakho yempuphu neminikelo yakho yokuphuzwa, unikele ngakho e-altare lendlu kaNkulunkulu wenu eseJerusalema.
18 “Okuhle kuwe nakubafowenu ukuba nikwenze ngesiliva negolide eliseleyo, kwenzeni ngokwentando kaNkulunkulu wenu.
19 Izitsha onikwe zona ukuba zibe ngezenkonzo yendlu kaNkulunkulu wakho, zibuyisele phambi kukaNkulunkulu waseJerusalema.
20 Okunye okudingekayo endlini kaNkulunkulu wakho, ofanele ukukunika, kukhiphe endlini yengcebo yenkosi.
21 “Kimina, yebo, mina Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula* ukuthi konke u-Ezra umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini, makwenziwe ngesineke sonke,