25 “Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula,* bonke abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; nongayaziyo nimfundise.
26 Bonke abangayikwenza umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi mabahlulelwe ngaso sonke isineke, noma kube ngokokufa noma okokuxoshwa, noma impahla yabo ibe yisizi, noma kube ngukuboshwa.”
27 Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema,
28 wehlisela phezu kwami umusa phambi kwenkosi, nabeluleki bayo, naphambi kwezikhulu zonke zenkosi ezingamaqhawe. Mina ngaqiniswa ngokwesandla seNkosi uNkulunkulu wami esasiphezu kwami, ngabutha ku-Israyeli abayizinhloko ukuba bakhuphuke nami.