14 Kumadodana kaBigivayi: ngo-Uthayi noZabudi; kanye nabo ngabesilisa abanamashumi ayisikhombisa.
15 Ngababutha emfuleni oya e-Ahava; samisa khona izinsuku ezintathu; ngabheka abantu nabapristi, angifumananga khona noyedwa wamadodana kaLevi.
16 Ngase ngithuma ngibiza o-Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu abayizinhloko, kanye noJoyaribi no-Elinathani abafundisayo.
17 Ngabathuma ku-Ido, inhloko yasendaweni yaseKhasifiya, ngabeka emlonyeni wabo amazwi abayakuwakhuluma ku-Ido nakubafowabo amaNethini* endaweni yaseKhasifiya ukuba basilethele izinceku zendlu kaNkulunkulu wethu.
18 Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esasiphezu kwethu basilethela umuntu onengqondo wamadodana kaMaheli indodana kaLevi ka-Israyeli, kanye noSherebiya namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nesishiyagalombili,
19 noHashabiya enoJeshaya wamadodana kaMerari, nabafowabo namadodana abo, bengamashumi amabili,
20 nakuwo amaNethini* uDavide nezikhulu ababewanikele enkonzweni yamaLevi amaNethini angamakhulu amabili namashumi amabili, abizwa onke ngamagama.