31 Sase sisuka emfuleni i-Ahava ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala ukuba siye eJerusalema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu, wasophula esandleni sesitha nakumqamekeli endleleni.
32 Safika eJerusalema, sahlala khona izinsuku ezintathu.
33 Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha endlini kaNkulunkulu wethu, kwanikezwa esandleni sikaMeremoti, indodana ka-Uriya, umpristi; u-Eleyazare indodana kaFinehasi wayenaye; uJozabadi indodana kaJeshuwa noNohadiya, indodana kaBinuwi, amaLevi, babe nabo,
34 konke-ke kwenziwa ngomumo nangesisindo; sonke isisindo salotshwa ngaleso sikhathi.
35 Abathunjwa abaphuma ekuthunjweni banikela ngeminikelo yokushiswa kuNkulunkulu ka-Israyeli eyizinkunzi eziyishumi nambili ngaye wonke u-Israyeli, nezinqama ezingamashumi ayisihiyagalolunye nesithupha, namawundlu angamashumi ayisikhombisa nesikhombisa, nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona; konke kwakungumnikelo wokushiswa kuJehova.
36 Banika imithetho yenkosi kothulasizwe benkosi nakubabusi phesheya koMfula;* basekela abantu nendlu kaNkulunkulu.