12 Ngalokho ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, futhi ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo, ningafuni ukuthula kwabo nenhlalakahle yabo kuze kube phakade, ukuze nibe namandla, nidle okuhle kwezwe, nilishiye libe yifa labantwana benu kuze kube phakade.’
13 “Ngasemva kwakho konke okufike phezu kwethu ngenxa yezenzo zethu ezimbi, nangecala lethu elikhulu, nangokuba wena Nkulunkulu wethu awusijezisanga ngokufanele izono zethu, wasinika isigaba sabasindileyo njengalesi,
14 singabuye saphule yini imiyalo yakho, sendiselane nalabo bantu abazenza lezi zinengiso na? Nga ungasithukutheleli uze usiqede, kuze kungabikho nsali nosindayo na?
15 Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ulungile, ngokuba sishiyiwe siyinsali nje njenganamuhla; bheka, siphambi kwakho necala lethu, nokho akakho ongema phambi kwakho ngenxa yalokho.”