11 Ngosuku owema kude ngalo,ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe,nabezizwe bangena ngamasango akhe,benza inkatho ngeJerusalema,nawe wawunjengomunye wabo.
12 Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe,ungathokozi ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokuchithwa kwabo,ungaqhalazi ngosuku losizi.
13 Ungangeni ngesango labantu bami ngosuku lwesigemegeme sabo,ungabheki ukuhlupheka kwabo ngosuku lwesigemegeme sabo,ningabeki sandla emfuyweni yabo ngosuku lwesigemegeme sabo.
14 Ungemi enhlanganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe,ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi.
15 “Ngokuba usuku lukaJehova lusondeleezizweni zonke;njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe;izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
16 Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele,bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe,baphuze, bagwinye,babe njengokungathi abazange babe khona.
17 Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo,ibe ngcwele,nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.