14 Ungemi enhlanganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe,ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi.
15 “Ngokuba usuku lukaJehova lusondeleezizweni zonke;njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe;izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
16 Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele,bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe,baphuze, bagwinye,babe njengokungathi abazange babe khona.
17 Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo,ibe ngcwele,nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.
18 Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo,indlu kaJosefa ibe yilangabi,indlu ka-Esawu ibe ngamabibi,bawashise, bawaqede;akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu,”ngokuba uJehova ukhulumile.
19 Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu,nabasehlanzeni ifa lamaFilisti,badle ifa lezwe lakwa-Efrayimi nezwe laseSamariya,uBenjamini adle iGileyadi.
20 Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa-Israyeliabaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefatinabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradibayakudla ifa lemizi yaseningizimu.