2 “Bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwabezizwe;udeleleke kakhulu.
3 Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisilewena ohlezi emifantwini yamawa,ondawo yakho yokuhlala iphakeme,othi enhliziyweni yakho:Ngubani ongangehlisela phansi na?
4 Noma uphakama njengokhozi,kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi,ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.
5 “Uma amasela efika kuwe,nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakhobebengayikweba baze baneliswe na?Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe,bebengayikushiya umkhothozo na?
6 Yeka ukufunisiswa kuka-Esawu,yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo!
7 Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni;abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa,bakwahlule;abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho;akakho oluqondayo.
8 “Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa-Edomingalolo suku,” usho uJehova,“nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na?