5 “Uma amasela efika kuwe,nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakhobebengayikweba baze baneliswe na?Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe,bebengayikushiya umkhothozo na?
6 Yeka ukufunisiswa kuka-Esawu,yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo!
7 Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni;abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa,bakwahlule;abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho;akakho oluqondayo.
8 “Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa-Edomingalolo suku,” usho uJehova,“nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na?
9 Amaqhawe akho, Themani,ayakuphela amandla,ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.
10 Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe,amahloni ayakukusibekela,unqunywe kuze kube phakade.
11 Ngosuku owema kude ngalo,ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe,nabezizwe bangena ngamasango akhe,benza inkatho ngeJerusalema,nawe wawunjengomunye wabo.