1 Ngomnyaka wesithathu kaKoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBeliteshasari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.
2 Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu apheleleyo.
3 Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.
4 Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yokuqala, ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli,
5 ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.
6 Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe,* nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.