6 Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe,* nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.
7 Mina, Daniyeli, kuphela ngawubona umbono, ngokuba abantu ababe nami abawubonanga umbono, kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu, babaleka ukuba bacashe.
8 Ngashiywa ngedwa; ngawubona lombono omkhulu, akusalanga mandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.
9 Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.
10 Bheka-ke, kwangithinta isandla, sangimisa ukuba ngitotobe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami.
11 Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli zwi kimi, ngema ngithuthumela.
12 Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwiwa; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.