15 Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; izingalo zaseningizimu aziyikuma, nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma.
16 Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.
17 Uyakubhekisa ubuso bakhe ukufika namandla ombuso wakhe wonke kanye nezivumelwano, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayonakalise, kepha ayiyikuma, ingabi ngowakhe.
18 Useyakubuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, athathe eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.
19 Useyakubuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.
20 “Bese kuvela esikhundleni sakhe oyakudlulisa umthelisi emhlobisweni wombuso, kepha ngezinsuku eziyingcosana uyakubhujiswa, kungabi ngolaka nangokulwa kodwa.
21 “Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobushelezi.