3 Kuyakuvela inkosi enamandla eyakubusa ngokubusa okukhulu, yenze njengentando yayo.
4 Iyakwanele ukuvela nje, umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.
5 “Inkosi yaseningizimu iyakuba namandla, kanjalo esinye sezikhulu zayo, yebo, sibe namandla kunayo, sibuse, nokubusa kwaso kuyakuba ngukubusa okukhulu.
6 Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana, kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano; kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo, kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.
7 “Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omunye esikhundleni sayo oyakuya empini, angene enqabeni yenkosi yasenyakatho, amelane nabo, ahlule.
8 Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.
9 Kepha yona iyakungena embusweni wenkosi yaseningizimu, kodwa iyakubuyela ezweni lakubo.