4 Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”
5 Ngase ngibona mina Daniyeli; bheka, kwakumi abanye ababili, omunye ogwini lomfula nganeno, omunye ogwini lomfula ngaphesheya.
6 Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: “Kuyakuba nini ukuphela kwalezi zimangaliso na?”
7 Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.
8 Ngakuzwa, kepha angiqondanga; bese ngithi: “Nkosi yami, ukuphela kwalokho kuyakuba yini na?”
9 Wathi: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina.
10 Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.