12 Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBabele.
13 Isimemezelo saphuma sokuthi abahlakaniphileyo babeyakubulawa; bamfuna uDaniyeli nabangane bakhe ukuba babulawe.
14 Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha nangokuqonda ku-Ariyoki induna yemilindankosi owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBabele;
15 wathatha wathi ku-Ariyoki induna yenkosi: “Siphumeleni enkosini lesi simemezelo esicindezelayo na?” U-Ariyoki wayesemazisa uDaniyeli indaba.
16 UDaniyeli wayesengena, wacela enkosini ukuba imnike isikhathi ukuze abonise inkosi incazelo.
17 UDaniyeli wayeseya endlini yakhe, wazisa oHananiya, noMishayeli, no-Azariya, abangane bakhe, le ndaba
18 ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo, ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBabele.