16 UDaniyeli wayesengena, wacela enkosini ukuba imnike isikhathi ukuze abonise inkosi incazelo.
17 UDaniyeli wayeseya endlini yakhe, wazisa oHananiya, noMishayeli, no-Azariya, abangane bakhe, le ndaba
18 ukuba bacele umusa kuNkulunkulu wasezulwini ngale mfihlakalo, ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBabele.
19 Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.
20 UDaniyeli wathatha wathi:“Malibongwe igama likaNkulunkulukusukela kwaphakade kuze kube phakade,ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;
21 uyaguqula izikhathi nezinkathi;uyasusa amakhosi, abeke amakhosi;unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha,nokwazi kwabaqonda ukwazi;
22 uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;uyazi okusebumnyameni,nokukhanya kuhlezi kuye.