9 lokuthi uma ningangazisi iphupho, umthetho munye nje ngani, ngokuba nilungisile amazwi amanga nawonakeleyo okukhuluma phambi kwami, kuze kuguquke isikhathi: ngalokho ngitsheleni iphupho, ngize ngazi ukuthi ningangibonisa incazelo yalo.”
10 AmaKaledi aphendula phambi kwenkosi, athi: “Akukho muntu emhlabeni ongabonisa indaba yenkosi, ngokuba akukho nkosi, nanduna, nambusi owake wabuza indaba enjalo nakwesisodwa isanusi, nothwebulayo, naKaledi.
11 Futhi kuyinto elukhuni eyifunayo inkosi, kakho omunye ongayibonisa phambi kwenkosi ngaphandle kwawonkulunkulu abangahlali nabasenyameni.”
12 Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBabele.
13 Isimemezelo saphuma sokuthi abahlakaniphileyo babeyakubulawa; bamfuna uDaniyeli nabangane bakhe ukuba babulawe.
14 Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha nangokuqonda ku-Ariyoki induna yemilindankosi owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBabele;
15 wathatha wathi ku-Ariyoki induna yenkosi: “Siphumeleni enkosini lesi simemezelo esicindezelayo na?” U-Ariyoki wayesemazisa uDaniyeli indaba.