16 OShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego baphendula, bathi enkosini: “Nebukadinesari, thina asidingi ukukuphendula kule ndaba.
17 Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.
18 Kepha noma kungenjalo, makwazeke kuwe nkosi ukuthi asiyikukhonza onkulunkulu bakho, ngeke sakhuleka esithombeni segolide osimisileyo.”
19 Khona uNebukadinesari wagcwala ukufutheka, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.
20 Wayeseyaleza amadoda anamandla asempini yakhe ukuba abophe oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, abaphonse esithandweni somlilo ovuthayo.
21 Aboshwa-ke lawa madoda egqoke amayembe, namabhulukwe, nezigqoko, nezinye izingubo, aphonswa phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.
22 Ngalokho ngokuba isiyalezelo senkosi sasicindezele, nesithando somlilo sasishisa kakhulu, ilangabi lomlilo lawabulala lawo madoda abakhuphula oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego.