1 UNebukadinesari inkosi kubo bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makuvame kinina.
2 Bekukuhle kimi ukwazisa izibonakaliso nezimangaliso uNkulunkulu oPhezukonke azenzile kimi.
3 Yeka ubuningi bezibonakaliso zakhe,namandla ezimangaliso zakhe!Umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade,nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane.
4 Mina Nebukadinesari ngangihlezi ngokuthula, ngatamasa endlini yami yobukhosi.