26 “Nansi incazelo yale nto: MENE: uNkulunkulu ubalile umbuso wakho, uwuqedile.
27 TEKEL: ulinganisiwe esilinganisweni, ufunyenwe ulula.
28 PERES: umbuso wakho wahlukene, unikelwe kumaMede namaPheresiya.”
29 Khona uBelishasari wayaleza, bamembathisa uDaniyeli okububende, bafaka umgexo wegolide entanyeni yakhe, benza isimemezelo ngaye ukuthi ubeyakubusa engowesithathu embusweni.
30 Ngalobo busuku uBelishasari inkosi yamaKaledi wabulawa.
31 UDariyu umMede wamukela umbuso eneminyaka engamashumi ayisithupha nambili.