7 Bonke abongameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.
8 Kalokhu, nkosi, simemezele isiyalezo, ulobe umbhalo ukuba ungaguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”
9 Ngokunjalo inkosi uDariyu yayisiloba umbhalo nesiyalezo.
10 UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.
11 Ayesebuthana lawo madoda, amfumana uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe.
12 Asondela, akhuluma phambi kwenkosi ngesiyalezo senkosi, athi: “Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?”Inkosi yaphendula yathi: “Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”
13 Ayesephendula ethi phambi kwenkosi: “UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.”