19 “Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesine esahlukile kuzo zonke zazo, esesabekayo kakhulu, esimazinyo aso ayeyinsimbi, nezinzipho zaso ziyithusi, esasidla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo;
20 nangezimpondo eziyishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma izinto ezinkulu, olukubonakala kwalo kwakukukhulu kunezinye.
21 Ngisabheka, lolo phondo lwalwa nabangcwele, lwabahlula,
22 waze wafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke banikwa ukwahlulelwa, kwafika isikhathi sokuba umbuso ube ngowabangcwele.
23 “Wayesethi: ‘Isilo sesine siyakuba ngumbuso wesine emhlabeni, oyakwahluka kuyo yonke imibuso, udle wonke umhlaba, uwunyathele, uwaphule.
24 Izimpondo eziyishumi-ke, kulowo mbuso kuyakuvela amakhosi ayishumi, kuvele enye emva kwawo; iyakwahluka kwawokuqala, ithobise amakhosi amathathu.
25 Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.