3 Izilo ezine ezinkulu zakhuphuka elwandle, zahlukile esinye kwesinye.
4 “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.
5 “Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere,* samiswa ngolunye uhlangothi, izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’
6 “Emva kwalokho ngabona; bheka, esinye, sinjengengwe, sinamaphiko amane enyoni emhlane; isilo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.
7 “Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.
8 “Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.
9 “Ngisabheka,kwabekwa izihlalo zobukhosi,kwahlala omdala wezinsuku;izambatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa,izinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo;isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo,amasondo aso engumlilo ovuthayo.