22 “Nasondela kimi nina nonke, nathi: ‘Masithume amadoda phambi kwethu ukuba asihlolele izwe, asibuyisele izwi ngendlela esimelwe ukukhuphuka ngayo, nangemizi esiyakufika kuyo.’
23 “Leyo nto yaba nhle emehlweni ami, ngathatha kini amadoda ayishumi nambili, kwaba yindoda inye kuleso naleso sizwe.
24 Wona ayesephenduka, akhuphukela entabeni, afika esiGodini sase-Eshikoli, asihlola.
25 Athatha ngezandla zawo ezithelweni zezwe, azehlisela kithi, asibuyisela izwi, athi: ‘Yizwe elihle uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.’
26 “Nokho anithandanga ukukhuphuka, kepha nahlubuka esiyalezweni sikaJehova uNkulunkulu wenu;
27 nakhonona ematendeni enu, nathi: ‘Ngokuba uJehova wasizonda, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuba asinikele esandleni sama-Amori, sichithwe.
28 Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’