4 Waloba ezibhebheni njengokulotshwa kokuqala imiyalelo eyishumi uJehova ayikhulumayo kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uJehova wanginika zona.
5 Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokho uJehova ebengiyala.”
6 Abantwana bakwa-Israyeli basuka eBeyeroti Bene Jahakani, bafika eMosera; u-Aroni wafela khona, wembelwa khona; u-Eleyazare indodana yakhe wakhonza ebupristini esikhundleni sakhe.
7 Basuka lapho, baya eGudigoda; basuka eGudigoda baya eJothabata, izwe lemifudlana yamanzi.
8 Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.
9 Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.
10 “Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi, akanibhubhisanga.