1 “Lezi ziyizimiso nezahlulelo eniyakugcina ukuzenza ezweni uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akunike lona ukuba ulidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni.
2 Niyakuchitha nokuchitha zonke izindawo, lapho izizwe eniyakuzidla zazikhonza khona onkulunkulu bazo ezintabeni eziphakemeyo, nasemadulini, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,
3 niwadilize ama-altare azo, niziphohloze izinsika zazo, nibashise o-Ashera* bazo ngomlilo, nizinqume izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo, nesule igama lazo kuleyo ndawo.
4 “Nina aniyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wenu.
5 Kodwa indawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha kuzo zonke izizwe zenu ukuba abeke igama lakhe kuyo, leyo ndlu yakhe niyakuyifuna, nize kuyo,
6 nilethe khona iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu, neminikelo yenu yesihle, namazibulo ezinkomo zenu nawezimvu zenu,
7 nidle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nename kukho konke enibeka kukho isandla senu, nina nabendlu yenu, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ngakho.