17 Ungekudle ngaphakathi kwamasango akho okweshumi kwamabele akho, noma okwewayini lakho, noma okwamafutha akho, noma okwamazibulo ezinkomo zakho, noma awezimvu zakho, noma izithembiso zakho ozenzayo, noma iminikelo yakho yesihle, noma umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho,